Minenhle Zwane
UMA kukhulunywa ngamaculo ahamba phambi emhlabeni njengamanje ayisali ngaphandle ingoma kaMaster KG noNomcebo Zikode iJerusalema ngenxa yodumo lwayo emazweni ahlukene idanselwa yibo bonke abantu.
Njengamanje leli culo selibukwe izikhawu eziwu-93 million kuYouTube kanti selingenisile nasezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzo iTikTok neTwitter.
Engxoxweni ekhethekile neGibela lo mculi oqale ukuzakhela igama ngengoma ayishane noDJ Ganyani esihloko sithi ‘Emazulwini’, uNomcebo uthe uswele amagama okuchaza ukuthi injabulo ayizwayo ngempumelelo yakamuva. Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi muva nje ukwazile nokukhipha i-albhamu yakhe yokuqalala (Xola Moya Wami).
“Amaphupho ami afezekile ngemuva kweminyaka ewu-15 ngicela ukuba umculi ovelele kuNkulunkulu ekugcineni useze waphendula. Namuhla uma ngifaka izithombe kanye nama- video kwi-instragram kuqhamuka inqawaba yabalandeli bami basemazweni aphesheya bezo phawula.” kuchaza uNomcebo.
Uqhube wathi ngendlela abalandeli bakhe abayithakasela ngayo iJerusalema ngelinye ilanga wafonelwa uMfundisi webandla thizeni wathi bamubeka njalo emkhulekweni ngoba leliculo lihlanganisa izizwe.
Ebuzwa ukuthi wayecabangani ngenkathi ebhala lengoma edansisa zonke izinhlanga uveze ukuthi isigqi sengoma ka MasterKg sasimnandi futhi siqukethe umuzwa othize yabe isizisholo yona inhliziyo ukuthi “Jeruselama ngilondoloze”
“Ngangise moyeni wokuthi umbuso wami awukho la emhlabeni kepha useJerusalema, noma bebekhona abalandeli ababengi buza ukuthi ngiyazi yini ukuthi i-Jerusalema izwe elinezimpi kodwa mina bengikhuluma ngendawo enokuthula engenazo izinkinga” usho kanje.
Yize ingoma yabo ingaqokwanga kumaSouth African Music Awards, uMnyango wezamaCiko namaSiko uzisulile izinyembezi zikaNomcebo noMaster KG njengoba beqokwe ukuba babe ngamanxusa eNingizimu Afrika emhlabeni wonke jikele.
‘’UNkulunkulu uzisulile izinyembezi noma kunzima kulomkhakha kepha izinto eziningi kumele ushaye sengathi awuziboni noma zibuhlungu uvuke uzithathe ngoba abalandeli bakudinga umuhle futhi umamatheka ngaso sonke isikhathi,” kuchaza uNomcebo.
Uthi angajabula ukusebenzisana nabaculi abale kubo uSjava, uBlack Coffee nabanye baphesheya kwezilwandle.
UNomcebo useke waqopha namaciko adumile kuleli okubalwa kuwo oDebra Fraiser, Zahara noDumi Mkokstard kanti uthe izinto eziningi ngomkhakha wokucula uzifunde kubo.
“Ukusebenzisana nabo kungisize kakhulu ekwakheni lo Nomcebo enimubona namuhla. Noma ngingahlangana nabaculi abawufundele umculo akubi nzima kakhulu ngoba ulwazi oluningi mayelana nalo mkhakha ngikwazile ukulicosha ngesikhathi ngisebenza nabo,” kuchaza yena.