Minenhle Zwane
Isithole ithuba eliyingqayizivele lokuqokwa emcimbini wemiklomelo obizwa ngeMlwazet Bavundule Awards, intokazi esencane yakwaMaphumulo edume ngokwenza i-makeup ewuhlobo olungajwayelekile futhi olusabisayo.
UNonqubeko Nxumalo (23), uqokwe kumunxa weBest makeup Artist kulo mcimbi osungulwa futhi owethulwa umsakazi weVibe FM uLwazi Mlwazet Mdladla. Ekhuluma nentatheli yeGibela uNonqubeko uveze ukuthi ukuthamela izigqugqhthela ze makeup ezazibanjelwa KwaMashu ikona okwamenza wagcina esenothando lokuyenza.
“Ngonyaka olandelayo ngibe sengiya koyifundela ekolishi elibizwa ngeMake-Up The College lapho esasifundiswa khona yiciko eselizinze phesheya ” kuchaza u Nqubeko.
Uqhube wathi unina nguye owamqguqguzela ukuthi angene kulomkhakha nesikole wasifunelwa nguye.

“Umama wayebone ingane yomngani wakhe igila izimanga kulo msebenzi wabe esengifunela isikhala lapho eyayifunda khona ngenhlanhla ngasithola .Kwangithokozisa lokho ngoba vele into enobuciko ngiyayithanda ngike, ngalingisa phambilin,” kuchaza uNonqubeko.
Kubantu abukela kubo njengamanje ubale uCenile ocwala abalingisi kuZalo nakwiMbewu naye owafunda esikoleni afunda kuso.
Njengoba sekusondele ukuthi kumenyezelwe odle umhlanganiso unxuse abalandeli bakhe ukuthi bamvotele ngokuthi bathumele umqhafazo othi MBA NONQUBEKO NXUMALO BEST MAKEUP ARTIST ku 45633 isms ibiza u R1,50.
Usuku lokugcina loku votela amaciko u31 Julayi.