Sanele Dlamini
Usewumqemane umrepha wakuleli emasontweni amabili edlule ophumele obala ngokusuleleka ngeCovid-19 u-AKA. Lo mrepha owenze okungajwayelekile ekhuluma ngokuhaqwa yileli gciwane kuthelevishini ngoMsombuluko udalule ukuthi bekunzima ukulwa nalesi sifo kodwa usesinqobile.
U-AKA uveze lokhu kumbhalo awufake ekhasini lakhe kuTwitter uhambisane nevideo yakhe ezivocavoca elungiselela impi yakhe ye-boxing nomrepha abangazweni naye uCassper Nyovest.
Thanks. First day back after beating COVID π’ … it was TOUGH. https://t.co/cSyfBipN6s
β AKA (@akaworldwide) July 20, 2020
Hey @vodacom users!! ππ² Make sure you SEARCH FOR AND DOWNLOAD the βAKAWORLDAPPβ on the IOS store & the Google Play store to get some real exclusive behind the scenes clips day to day. #AKAWORLDAPP π π² …. ooooh, do you hear those CANONS π₯ 𧨠π₯ … sheesh. π£π£π£π£ pic.twitter.com/irvhD1ItTF
β AKA (@akaworldwide) July 20, 2020
Labo mrepha abayinkukhu nempaka kulindele ukuthi batholane phezulu esitikini se-EFC ngoSepthemba. NgoMashi nonyaka u-AKA waveza ukuthi balindele ukwenza imali elinganiselwa ku-R5 million kuya ku-R8 million umuntu ngamunye ngalempi okulindeleke ukuthi iqede konke ukukhuluma phakathi kwabo.
Okuqaphelekile nokho ngesikhathi ememezela izindaba zokusinda kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ngukuth abantu babe nemibuzo ngokusinda kwakhe ngokushesha kuleli gciwane.
Ephendula imibuzo ngokusinda kwakhe u-AKA uthe: “kungani ningosiyazi? Nizitshela ukuthi niyazi nokuthi ngiqale nini ukugula. Ngithi sengisindile, nina nithi ngisinde ngokushesha kakhulu. Nimuncu kangakanani zintuthwane zala?”
Ngaphendle kokumuhluzana noCassper, u-AKA usethubeni lezindondo ezimbili kumaSouth African Music Awards 2020 ngeculo lakhe iJika elingene emunxeni weRecord of the Year neBest Music Video.