Minenhle Zwane

Uswele izimpiko zokundiza umsakazi weVibe FM odume ngelika “Sama”Jobe kulandela ukuqokwa kuma 031 Awards azosingathwa ngoJulayi 25 nonyaka.

USama (24) ohlala eMlaza kodwa odabuka eSouth Coast, uqokwe emunxeni weMedia Personality. Lensizwa okuyimanje iphothula izifundo zayo ze Journalism eDurban University of Technology ithi ukuqokwa kulomcimbi kuyenza izizwe ihloniphekile kwezokusakaza.

“Ukuqokwa kusho lukhulu kimina noma nginga nqobanga ngiyohlezi ngizizwa ngihloniphekile ngokuthi igama lami lake laqokwa” kuchaza uSama.

Ube eseveza ukuthi waqala ukusakaza kumsakazo oseNdwendwe angathandanga ukuwudalula igama ngoba akuhambanga kahle kuwo. Ngo-2013 wabe eseqala ukuzibhalela izindaba ezinkundleni zokuxhumana egxila kosaziwayo. Ngokuhamba kwesikhathi uthi waba nenhlanhla umsebenzi wakhe ubonwa umsakazi weVibe Fm osemnkatshubomvu uThulani Ngema, owamcelela kumphathi wezinhlelo, uBongani Zulu, ukuthi azosebenza naye.

“Ngajabula kakhulu ngithola leli thuba ngazitshela ukuthi ngizoqinisekisa ukuthi angibheki emuva ngoba vele nganginothando lokusakaza,” kusho yena.

Ngaphandle kokuzakhela igama emsakazweni uSama ngo-2018 uke wasebenza kuZalo kanti nyakenye ubesebenza komunye umdlalo wethelevishini okhonjiswa ku-eTV egqokisa abalingisi.

Lo msakazi uthi njengamanje ubala uThokozani Mpungose, odume ngelika ‘Mafresh’ noNonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi oKhozini kubasakazi abukela kakhulu kubo.

Kubantu abasha abasafisa ukungena kulo mkhakha uthe kumele baqinisekise ukuthi banalo uthando lawo.

Njengoba sekuseduze ukuba kumenyezelwe abanqobile unxuse abantu ukuthi bamvotele ngokuthumela umqhafazo othi SAMA JOBE ku 35029 nabangakwenza noma ikangaki iSMS ibiza u-R3.

Owinile uzothola indondo nomklomelo oyi-voucher.

Ezinkundleni zokuxhumana uyatholakala:

Facebook – SamaJobe

Twitter naku-Instagram – @iamsamajobe

Ukuvotelwa amaciko kuzovalwa ngoJulayi 25.