Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uphinde wakhala ngokugeja kwabadlali bakhe bedliwa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni we-DStv Premiership izolo eFNB Stadium.
Bekungokwesithathu iChiefs idliwa kulandelana. Ayikakori goli futhi ayikaqoqi nelilodwa iphuzu kulo nyaka.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uphinde wakhala ngento asevame ukukhala ngayo njalo ngemuva komdlalo; ukuhluleka kwabadlali bakhe ukuvalela amathuba abawatholayo phambi kwepali.
“Siye kulo mdlaĊo sineqhinga lokubaphoqa ukuthi badlale ibhola phakathi nenkundla ngoba besazi sizolithola ibhola. Esiwombeni sokuqala besilithola ibhola kodwa besisheshe silibuyisele kubo. Besingenza kangcono phambi kwepali, sithathe izinqumo ezibhedayo.
“Kuphinde kwenzeka nasesiwombeni sesibili. Namhlanje ukube besingekho buthuntu besingashaya ngisho amagoli amahlanu…akwenzekanga ngenxa yezinqumo esizithathile phambi kwepali,” kusho uZwane.
UMangethe uncome indlela abadlale ngayo esiwombeni sesibili, wathi bayihloniphe kakhulu iSundowns esiwombeni sokuqala. Uphinde wancoma noSiyethemba Sithebe ngendlela adlale ngayo engena.
IChiefs izobhekana neRoyal AM emdlalweni olandelayo.