Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uzwakalise injabulo ngendlela abadlale ngayo ezakhe ziguqisa iStellenbosch FC ngo 4-1 e-Orlando Stadium izolo.
IPirates ikhuphukele kunombolo 4 ngemuva kokunqoba lo mdlalo ngamagoli avalelwe wuThabang Monare, Innocent Maela, Kermit Erasmus noNdabayithethwa Ndlondlo. IStellies ibike ngegoli likaMervin Boji esiwombeni sesibili.
Ngaphandle nje kwamagoli, iPirates ibidlala ingcwenga yebhola, iphethe u-63% we-possession yashaya ne-pass accuracy ka-88%. Kulo mdlalo ishayele unozinti weStellies izikhawu eziwu-21 umdlalo wonke.
Ekhuluma ngendlela abadlale ngayo ngemuva komdlalo uRiveiro uveze ukuthi abadlali sebeqala ukukhombisa umsebenzi abamatasa nawo uma beqeqeshwa.
“Sihlale sizama ukubasiza ngezinto ezihlukene abadlali. Yikho sidlale kahle. Nokukora amagoli yinto ebesisebenza phezu kwayo nayo ngoba wumdlalo wamagoli lo. Sizohlale sizama ukuwavalela ngoba abantu bafuna ukubona amagoli. Ngijabule ngamagoli esiwashaye kwimidlalo emibili edlule.”
URiveiro uthi ukunqoba ngale ndlela kuzokhuphula ukuzethemba kubadlali. IPirates izobhekana neMarumo Gallants ngoMgqibelo.