Umqeqeshi weKaizer Chiefs ongaphansi kwengcindezi ngenxa yemphumela yakamuva, u-Arthur Zwane, uthi akakhathazekile ngokuxoshwa kuleli qembu.

Seziphinde zabuya izikhalo ngoMangethe kubalandeli baleli qembu kulandela ukudliwa kweChiefs imidlalo emibili ilandelana. Kowokugcina iChiefs inenebulwe AmaZulu ngo 4-0 abaningi bakhala ngamaqhinga omqeqeshi nabadlali abathile abakhethayo esikimini sakhe.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo neMamelodi Sundowns, uZwane uthe akalisabi izembe kwiChiefs ngoba uyazi ukuthi into ebalulekile ukubeka isisekelo esiqinile ngendlela iqembu okumele lidlale ngayo.

“Angikhathazekile ngoba sinohlelo esiphezukwalo nabaphathi beqembu okumele silulandele. Uma ubuka emnyakeni edlule besizama ukuba sezingeni elifanele kodwa indlela ebesenza ngayo ibingasebenzi. Uma ubheka e-Europe nje buka i-Arsenal yenza kahle ngoba yabekezela yakholelwa kumqeqeshi eyambeka. Uyazibonela imphumela manje. Angisho ukuthi singenza okwenziwa yi-Arsenal kodwa ngenza isibonelo nje ngomphumela wokubekezela,” kuchaza uZwane.

Uthe ngisho engahamba yena umqeqeshi ozofika kufanele afike kunendlela yokudlala esijwayelwe abadlali kuwo wonke amazinga kwiChiefs.

“Angikhathazekile ngekusasa lami ngoba ngangazi ukuthi kuzofika isikhathi la okuzomele ngiqhele khona nginike abanye ithube. Njengamanje kodwa nginomsebenzi okumele ngiwenze.”