Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, usole izitobha zakhe ngokuhluleka ukumelana nabadlali abahlaselayo beCape Town City ibashaya ngo 2-0 koweDStv Premiership.
ICitizens inqobe umdlalo wokuqala kule sizini ngegoli elivalelwe uDarwin Gonzalez (5′) nelikaNathan Fasika (62′). Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uthe abadlali abawalandelanga amaqhinga akhe, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
“Siwuqale kabi umdlalo, besinamaphutha emuva. Besiwuhlelelile lo mdlalo kodwa abadlali abawalandelanga amaqhinga esifike nawo. Besazi bazofuna ukutshala ibhola ngemuva kwezitobha zethu, yikho siqale ngezitobha ezintathu ukuze sizovala izikhala, ama-wing back abhekane nama-full back abo uma behlasela. Kodwa besizihlalele emuva, sabavumela ukuthi bazifakele amaphasi noma ikuphi, abadlali behluleka ukufunda umdlalo, kwaze kwangena igoli. Sizamile ukubuya emdlalweni kodwa asidlalanga kahle esiwombeni sokuqala. Esiwombeni sesibili sidlale kangcono kakhulu, sahluleka ukuvalela amathuba,” usho kanje.
UZwane uqhube wathi bazofunda kulo mdlaĊo, baqhubekele phambili. IChiefs izobhekana neStellenbosch ngeSonto emdlalweni weMTN 8 ngesonto.