Owayengumdlali weKaizer Chiefs osewumhlaziyi webhola, uJuniro Khanye, uthi asazothwala kanzima Amakhosi kule sizini ngoba umqeqeshi akanawo amava okuqeqesha kwiDStv Premiership.
IChiefs ishaywe ngo 2-0 ibhekene neCape Town City izolo ebusuku emdlalweni okubeke kwacaca ukuthi kusekude phambili kuleli qembu.
Ephawula ngemuva komdlalo uKhanye ugxeke amaqhinga omqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane, wathi ayikho into ayibone isebenza enkundleni, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Uthe iChiefs izigwaze ngowayo idlalisa izitobha ezintathu nama-wing back, abehluleka ukumelana nawe-Cape Town City emdlalweni. Uphinde wagxeka isisu seChiefs wathi akayiboni into ebidlalwa uPhathutshedzo Nange noSiyethemba Sithebe.
“IKaizer Chiefs bayishaye ngama-wing back ayo. Ama-wing back abo bebewafake ngaphansi kwengcindezi umdlalo wonke. Phakathi nenkundla u-Ambina noMokeke bebezenzela esiswini. Emuva uNgezane, uKwinika noNgcobo bahlulekile ukumelana noLakay. Kwesokudla uSolomons ubegqilazwa uGonzalez, owumdlali onomjiko nejubane. UZwane ubefuna ukuhlasela ngama-wing back, kodwa inkinga abebhekene nayo ukuthi iCity ibifake inqwaba yabadlali emasayidini, uMokeke no-Ambina bebeqinile esiswini.
“Kumele ngikhulume iqiniso, uSithebe angikamboni kahle. Angimboni noma umdlali ohlaselayo noma okwazi ukusiza emuva. Ukudlaliswa kwakhe no-Nange bekufana nokuzibulala ngoba bobabili abakwazi ukususa ibhola emuva liye phambili. UKarma noDolly nabo abekho efomini.
“U-Arthur usazothwala kanzima ngoba akanawo amava. Baningi abaqeqeshi abasozomshaya ngemaqhinga.”
UKhanye uqhube wathi abalandeli beChiefs akumele balindele ukunqoba izicoco kule sizini ngoba mningi umsebenzi okusamele wenziwe.