Usezwakalise ukukhathazeka umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp kulandela ukuhluleka kwezakhe ukunqoba emdlalweni emithathu kwiPremier League.

ILiverpool ihleli kunombolo 16 kwi-log yePremier League, isisele ngamphazu amahlanu kwiManchester City engompetha beligi. I-United ngakolunye uhlangothi ikhuphukele kunombolo 14 inqoba okokuqala kule sizini kulandela ukudliwa imidlalo emibili ilandelana.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uKlopp uzwakalise ukukhathazeka ngesimo abakuso.

“Ngikhathazekile ngesimo esikuso. Sizobhekana naso ngoba sonke siyavumelana iqembu lingadlala kangcono, siyakwazi lokho. Siyawamukela umphumela wanamuhla kodwa sizovuka kusasa siqhubeke silwe ukuguqula imphumela,” kusho uKlopp.

Lo mqeqeshi uqhube wathi noma bedliwe, ezakhe bezingawunqoba umdlalo wangoMsombuluko ebusuku.

ILiverpool izobhekana neBournemouth ngoMgqibelo ngo-4 ntambama kumdlalo okulindeleke ukuthi iwunqobe kalula.