Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uphinde wakhala ngokugeja nokuvuza kwezakhe emuva zibambana neTS Galaxy ngo 2-2 kumdlalo weDStv Premiership ngoLwesithathu.
IChiefs ibihamba phambili kulo mdlalo ngegoli elivalelwe wu-Ashley Du Preez ngomzuzu wesikhombisa uqalile umdlalo. IGalaxy iphendukele Amakhosi njengotshwala esiswini esiwombeni sokuqala uBernad Parker evalela igoli kusadlule imzuzwane engene enkundleni, lalandelwa elika Junior Traore ngaphambi kokuthi umdlalo uye ekhefini. IChiefs igcine ilinganise umdlalo nge-free kick kaKeagan Dolly engene sekuyoshona ilanga.
“Siwuqale kahle umdlalo. Imzuzu ewu-20 yokuqala besiwuphethe umdlalo savalela igoli, ngemuva kwalokho sivele saphola, sazitshela ukuthi umdlalo uzoba lula. Siwakhile kodwa amathuba ebesingawavalela kodwa sawayeka futhi. Sibanikeze isikhathi nesikhala ebholeni, bakwazi ukubuya emdlalweni. Ububona lapho ukuthi sebenokuzethemba, bewuphethe umdlalo futhi bebengalishaya elinye igoli,” kuchaza uZwane.
UMangethe uthi ezakhe zidlale kangcono kakhulu esiwombeni sesibili ngemuva kokukhumbuza abadlali ukuthi kumele balwe ngesikhathi sekhefu.
“Siphinde sawakha amathuba esiwombeni sesibili sashaywa ukugeja okuyinto esishayile nakwimdlalo edlule.”