Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi ayikaze ibe yiphela endlebeni kuMakhosi iTS Galaxy abazobhekana nayo namhlanje koweDStv Premiership, futhi akalindele ukuthi ipake ibhasi njengoba yenza ishaya iMamelodi Sundowns kule sizini.
UZwane uveze lokhu ebuzwa yizintatheli ukuthi ngabe iTS yiqembu abalibona libadalela izinkinga.
“Abakaze babe yiqembu elisidalela izinkinga. Basishaya nje kwi-final yeNedbank Cup. Ngiyibukile eminye imdlalo esesiyidlale nabo, sesinqobe imdlalo emningi kunabo uma sibhekene,” kuchaza uZwane.
ITS Galaxy ingelinye lamaqembu amabili aseshaye iSundowns kule sizini kodwa isanqobe kabili kuphela kule sizini emdlalweni ewu-10. Uma inqoba namhlanje izongena kwi-top 8.
“Baneqembu elihle, kuyishwa ukuthi bakulendawo abakuyo njengamanje kwi-log. Bayithwalisa kanzima iSundowns bevale emuva behlasela ngokuzuma. Angicabangi ukuthi bazolipaka ibhasi uma sebebhekene nathi, bazofuna ukuhlasela, okuyinto enhle ngoba sizothola izikhala esingazisebenzisa,” usho kanje.
Uma inqoba iChiefs namhlanje izokhuphukela kunombolo 2 kwi-log yeDStv Premiership uma iRichards Bay ihluleka ukunqoba noma ukudlala ngokulingana neCape Town City.
Umdlalo ungo-19.30 eFNB Stadium.