Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi akafuni ukuqagela ngesimo sikaPeter Shalulile kodwa ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali ulimele.

ISundowns inqobe ngo 1-0 emdlalweni wayizolo neMarumo Gallants engekho uShalulile, okuyinto ethuse abaningi ngoba ubengekho ngisho ebhentsheni. Igoli leDowns livalelwe wuSphelele Mkhulise ngomzuzu ka-28.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMokwena ebuzwa ngoShalulile uthe okwamanje akakwazi ukuphendula.

“Ulimele njengamanje kodwa usesimeni esingekho lula ukusichaza ngoba sisaxhumana nongoti. Asilinde kancane, iqembu lizokhipha isitatimende ngaye. Kodwa njengamanje akekho ngoba ulimele. Uma ngingazama ukusho ukuthi yini abhekene nayo ngiyobe ngiyaqagela, ngicela silinde ongoti,” usho kanje.

URulani uncome indlela abadlale ngayo esiwombeni sokuqala.

“Besicindeza kahle esiwombeni sokuqala siwina amabhola eduze nebhokisi labo. Besingenza kangcono kodwa eduze nepali ngezinqumo esizithathile. Asidlalanga kahle esiwombeni sesibili, kodwa ke ziningi izimo ezidale lokho.”

ISundowns isizolungiselela umdlalo wesemi-final yeMTN8 ne-Orlando Pirates ozoba ngoMgqibelo ngo 15:30 ntambama.