Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziyo ibhola, uJnr Khanye, uthi noma izinto zingakahlangani kahle kuMakhosi, umqeqeshi u-Arthur Zwane ungcono kunoStuart Baxter no-Ernst Middendorp.

IKaizer Chiefs ikunombolo 5 njengamanje kwi-log yeDStv Premiership ngemuva kokunqoba imdlalo emhlanu emdlalweni ewu-12.

“Uma umqhathanisa nabanye abaqeqeshi abadlule kwiKaizer Chiefs, uBaxter noMiddendorp, ngicabanga ukuthi ungcobo u-Arthur kodwa ushoda ngamava,” kusho uKhanye.

“Ukuya emdlalweni wabakhaya ngemuva kokukhishwa kwiMTN8 kuzomfaka ngaphansi kwengcindezi. Abadlali bazobe beshaywa uvalo kanane, angilindele lutho olutheni kubo.”

UKhanye uqhube wathi ulindele ukuthi lo mdlalo unqotshwe yi-Orlando Pirates ngoba akuvamile ukuthi abhuquzise iMamelodi Sudnowns amaqembu akuleli nawase-Afrika.