Inkakha yeKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, usewushayele ihlombe umsebenzi owenziwa abaqeqeshi be-Orlando Pirates kule sizini.
U16V ubekhuluma neSABC Sport ngaphambi kweSoweto Derby ezodlalelwa eFNB Stadium kusasa ngo-15:30 ntambama. Kule sizini iPirates isiqala ukubukeka iyingozi njengoba ititinye iMamelodi Sundowns ngo 3-0 kwisemi final yeMTN8 kanti nakwiligi ibukeka iza kahle.
“Ngizoqale ngishayele ihlombe itechnical team ye-Orlando Pirates. Esikubonayo umsebenzi oqalwe wuFadlu Davids noMandla Ncikazi, ngoba ukubeka iqembu la elikhona namhlanje akuthathi izinyanga ezintathu noma ezine,” kusho uKhumalo.
“Ngizoyincoma futhi nendlela abasayinise ngayo ukhilimu wabadlali. UKermit Erasmus noMonnapule Saleng benza umehluko omkhulu kwiPirates. Sesibuka iPirates engiyaziyo ke manje.”
“IPirates inikeze umdlali omncane ngokweminyaka obenganziwa ithuba lokuziveza. Akekho obelindele ukuthi uzodlala ngale ndlela. Indlela adlala ngayo bebhekene neSundowns yangenza ngabona ukuthi ikusasa lakhe liqhakazile ebholeni lakuleli. Ngiwumlandeli wakhe. Angazi bazomvimba kanjani lo mdlali kusasa.”
Ekhuluma ngeChiefs uKhumalo uthe inkinga yayo enkulu njengamanje ukuthi idinga ukulungisa emuva. Uthe ukushintshwa konozinti kunomthelela kwindlela edlala ngayo njengamanje iChiefs.
Uthe kumele anikezwe isikhathi u-Arthur Zwane njengoba noPitso Mosimane athatha imnyaka emthathu ukuthi izinto zimhlanganele kahle kwiSundowns.