Kade ngibuka umdlalo waMaZulu FC neCape Town City FC ongishiye ngizibuza ukuthi kungani amaqembu aseKZN engesekwa ngisho esedlala kahle.

AmaZulu FC njengamanje angelinye lamaqembu adlala ingcwenga yebhola, noma ebuye athole isibhaxu lapha nalaphaya, akukho ukungabaza ibhola elidlaliswa wu-Arthur Zwane kuSuthu.

Ekuqaleni kwesizini iLamontville Golden Arrows nayo ibivutha kodwa isiphikwa yimiphumela muva nje. Emdlalweni emihlani edlule ine-win eyodwa. Isuke kwi-top 6 yayohlala kunombolo 11 ngenxa yale miphumela esisola ukuthi yiyo ephoqe abaphathi beqembu ukuthi babuyise uManqoba ‘TV ‘ Mngqithi okulindeke ukuthi ajike izinto.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMngqithi washiya i-Arrows enqobe isicoco seMTN8 futhi edlalisa ingcwenga yebhola elaphendula Abafana Bes’thende iphela endlebeni kumaqembu amaningi kwiPSL.

Okuncomekayo ngoMngqithi noZwane wukuthi bobabili bangabaqeqeshi abagqamisa ukunikeza abadlali abasebasha ithuba, okusho ukuthi sizophinde sibone abadlali abancane abanethalente bezakhela igama besuka eKZN.

Ngokubona kwami lawa maqembu ngabe enza kangcono kakhulu ukube ayakwazi ukukhulisa isibalo sabalandeli.

Ngiyakuqonda ukuthi i-Arrows mhlawumbe ngabe yenza kangcono ukube idlalela ngasekhaya. Leli qembu elisungulwe eLomonti lidlalela imidlalo yayo eMpumalanga Stadium, eHammarsdale. Hhayi kabi, kodwa kule ndawo angicabangi ukuthi baningi abantu abanendaba ne-Arrows. Mhlawumbe sebekhona ngoba idlala ngakhona, kodwa leli qembu lifanelwe wukudlala ngaselokishini elisungulwe kulo, lizame ukwandsa abalandeli ngokuzitshala kulo. Lokhu kungishiya ngizibuza ukuthi kungani i-Arrows ingadlali eKing Zwelithini Stadium eseMlazi, iqinise ekukhangiseni iqembu ngakuyo lendawo.

Omunye ke engaphendula ethi inkinga ngoMlazi wukuthi kugcwele abalandeli baMaZulu FC, nenqwaba yabe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Kodwa ukukhangisa (marketing) iqembu kungena lapho. I-Arrows ingaze isebenzisane ngisho neManngosuthi University of Technology njengendlela yokuheha izitshudeni ukuthi zihambele imidlalo. Umbono nje.

Ngicabanga ukuthi AmaZulu ngakolunye uhlangothi nawo engenza okufanayo ngokuthola inkundla angazinza kuyo njengeMoses Mabhida Stadium. Noma inkulu iMabhida, abaphathi boSuthu bakhombisa ukuyithanda, ngakho ke kumele iqhamuke nohlelo lokhangisa nokuheha abalandeli ukuthi bagcwalise inkundla.

Usuthu lunakho ukusebenzisana noMaskandi abafana noKhuzani Mpungose, mhlawumbe ngelinye ilanga kusamele azame ukusheba umcimbi kaMaskandi ophelele nebhola ukubheka ukuthi ngeke igcwale yini inkundla. Nawo lo umbono nje, kodwa kuningi okunye abangakwenza ukuheha abalandeli ukuthi beze enkundleni.

Ukwesekwa kwalawa maqembu kungawakhulisa ngesivinini.