Usomaqhinga weCape Town City oxinwa ngesibhaxu kwiBetway Premiership kulezi nsuku uMuhsin Ertugral useveze ukuthi sebemtholile umqeqeshi omusha weqembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi u-Ertugral ubanjiswe izintambo zokupheka iqembu ngemuva kokuxoshwa kuka-Eric Tinkler ngasekuqaleni kwesizini. Ngaphandle kokupheka iqembu ubehlalelwe nawumsebenzi wokusiza iCape Town City ithole umqeqeshi omusha ozopheka iqembu kusukela ngesizini ezayo kodwa indlela okuhamba ngayo imiphumela, sekungenzeka adinge ukuzoqala umsebenzi manje.
“Ngicabanga ukuthi sesimqokile umqeqeshi. Useqalile ukubuka iqembu uma lidlala,” kusho u-Erturgral ngemuva kokushaywa AmaZulu FC ngo 2-0 ngeSonto.
“Kodwa ke sizoqala ukwenza izinhlelo kahle ngo-April, uma izinto sezimi kangcono. Sizoqala lapho ukubuka abadlali nomsebenzi esidinga ukuwenza nabo.
“Okubalulekile ukuthi umqeqeshi simnikeze isikhathi sokusebenza nabadlali afake amaqhinga akhe.”
U-Ertugral unqabile ukudalula igama lomqeqeshi omusha weCityzens, wathi lokho kuzokwenziwa abaphathi bakhe.
Uthe uma esesukile kwesokuqeqesha phakathi komsebenzi azobe ewenza wukuqinisekisa ukuthi iCape Town City ibuyela ekubeni yiqembu elikhiqiza abadlali abancane.