Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane uthi unethemba lokuthi kuzobakhuphulela ukuzethemba abadlali noSuthu ukuqoqa amaphuzu aphelele emdlalweni wokuqala.

AmaZulu azitamuzele amaphuzu amathathu ngokushaya i-Orbit College ePrincess Magogo ngoMgqibelo ntambama, okuyinto osekunesikhathi agcina ukuyenza kwiligi.

“Ngijabule ngamaphuzu amathathu, ngijabule nangokuthi ngemuva kwesikhathi eside sinqobe umdlalo wokuqala zisuka kwiligi,” kusho uZwane ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

“Nginethemba lokuthi kuzokhuphula ukuzethemba kubadlali, ngoba okwamanje asidlali ngalendlela engifuna sidlale ngayo, noma sibuyele sikwenze. Besingawuphatha umdlalo ukube besifuna, kodwa kube ngcono ngoba sikwenzile esiwombeni sesibili.”

UZwane uqhube wakhala ngamathuba abawayekile ‘okubulala’ umdlalo, kodwa wancoma ezakhe ngokukwazi ukubuya naphelele.

Namhlanje AmaZulu azobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns eLoftus Stadium ngo 19:30.