Umdlali weMamelodi Sundowns uZuko Mdunyelwa uthi kunezinto abazozama ukuzenza kangcono namhlanje emdlalweni wabo naMaZulu ukuze baqinisekise ukuthi babuya namaphuzu aphelele.
Ompetha beBetway Premiership bazotholana phezulu noSuthu eLoftus Versfeld namhlanje ngo 19:30.
Bazoya kulo mdlalo befuna amaphuzu aphelele ngemuva kwe-draw ka 1-1 neChippa United emdlalweni wokuqala ngempelasonto edlule.
“Kunezinto esisebenza phezu kwazo engingeke ngingene kuzo ngoba zithinta amaqhinga futhi zizoba wukhiye emdlalweni. Siyazi babuthaka kuphi nokuthi baqine ngakuphi. Sizozama ukubashaya la ababuthaka khona.”
Lo mdlali uqhube wathi ngokubona kwakhe kunezinto abangazenzanga ngendlela emdlalweni odlule, ngakho ke kuzobaluleka ukuthi balungise lelo phutha namhlanje.
Ngesizini edlule AmaZulu ashaywe kabili emdlalweni yeligi neSundowns. Lokhe agcina ukuyishaya ngesizini ka 2020/2021.