Umdlali omusha weKaizer Chiefs uThabiso Monyane ubonge abalandela baMakhosi ngendlela ababaseke ngayo bebhekene neStellenbosch FC ngeSonto, wacela ukuthi baphinde baphume ngobuningi babo nasemdlalweni wakusasa.
Amakhosi aqoqe amaphuzu aphelele e-Athlone Stadium, okujabulise abalandela abaningi beKhosi. Bekuwumdlalo wokuqala kaMonyake kuMakhosi ngemuva kokujoyina esuka kwi-Orlando Pirates.
“Senze okuningi silungiselela umdlalo [weStellies]. Oh my, oh my, bekuwumdlalo obunogesi. Ngiwuthandile kakhulu,” kusho uMonyane ekhuluma ne-media team yeKaizer Chiefs.
“Ngicela ukubonga abaqeqeshi bami nozakwethu ngokukholelwa kumina. Abafwethu bazinikeleli, sabuye namaphuzu amathathu.”
Ekhuluma ngomdlalo nePolokwane City kusasa, ubekwe kanje: “Sinethemba, sibheke ukunqoba kuwo wonke umdlalo esizodlala kuwo. Iyonanto esifuna ukuyena. Kodwa ke ebhileni akuhlale kuhamba njengoba ufisa. Sizobheka ngomdlalo ngamunye, sizininikele ngokuphelele.”
UMonyane ubonge abalandeli ngendlela ababeseke ngayo emdlalweni odlule.
“Niqhubeke njalo niseseke ngoba nidlale indima enkulu sinqoba [koweStellies]. Sicela nize nangoLwesithathu ebusuku.”
Amakhosi azobhekana nePolokwane City kusasa eFNB Stadium ngo 19:30.