Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ubona sesiphelile isikhathi sokuzidabukela kubadlali bakhe njengoba bezodlala neRichards Bay ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium.
IChiefs isazikhotha amanxeba ngemuva kokubhaxabulwa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 eTshwane ngempelasonto edlule.
IGlamour Boys izobhekana neBay engayazi induku selokhu kuqale isizini ka-2022/23.
UZwane uthi bajime kahle kulelisonto, balungisa ngamaphutha abawenze emdlalweni weSundowns.
“Sijime kahle kulelisonto. Sibuyela emuva emaphutheni esiwenze kwiSundowns. Sesihlele ukubuya namaphuzu amathathu emdlalweni olandelayo. Kuzoba nzima kodwa sikulungele ukudlala neRichards Bay,” kubeka uZwane kwi-website yeChiefs.
IChiefs is ihlulwe kabili kulesizini. Yashawa iRoyal AM ngo 2-0 emdlalweni wokuqala weligi njengoba iphinde yatitinywa iSundowns.
UZwane uthi uselindele ukubona ushintsho olukhulu kubadlali bakhe uma sebedlala neBay.
“Siyakwazi okufanele sikwenze, ikakhulukazi abadlali bebodwa nathi singabaqeqeshi. Amaphutha ayingxenye yebhola. Abanye abadlali bazofunda ngawo. Kudala bedlala ibhola futhi abaqali ukuhlulwa ngo 4-0. Nami ngake ngahlulwa ngo 4-0 ngaphambilini kodwa ngabuya sengiqinile.
Isimo esikuso sizosifundisa kakhulu. Sizoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi,” kubeka lomqeqeshi.
IBay izofuna ukuqhubeka nefomu enhle kwiligi. Ihleli esicongweni seDSTV Premiership ngamaphuzu ayisikhombisa.