ISouth African Football Association (SAFA) isishayele uPitso Mosimane ihlombe ngempumelelo yakhe yokuhlabana ngeziqu zeCAF Pro License.

ISAFA iphinde yaqinisekisa ukuthi izofaka isandla kwiPitso Mosimane Soccer Schools.

UMengameli weSAFA uDr. Danny Jordaan noMosimane babize isithangami sabezindaba ngoLwesine eSAFA House. UMosimane unikezwe iziqu zakhe zeCAF Pro License khona lapho.

UMosimane ungumqeqeshi wokuqala eNingizimu Afrika osehlabene ngeziqu zeCAF Pro License, okuyizifundo aziqala ngo-2019 kodwa waphazanyiswa iCovid-19. Uphothule ukufunda eMorocco.

ISAFA iphinde yaqinisekisa ukuthi izomxhasa uPitso ohlelweni lwakhe lokufundisa ibhola ezikoleni. ISAFA iThe loluhlelo luzofinyelela kuzona zonke izifundazwe.

UPitso ufuna ukubuyisela emphakathini nokufundisa ibhola ezikoleni, afukule nabadlali abasebancane ohlelweni lweSoccer Schools.

“Besikhuluma ngezemidlalo ezikoleni emasontweni amabili adlule. Sivumelene ngokuqinisa kwezemidlo ezikoleni ngenhloso yokusiza iBafana Bafana ukuze izoba yizikhondlakhondla e-Afrika.

Simeme bonke abantu abasuka kwizifunda zethu ezingu-52 ukuthi bahlanganyele nathi ePort Elizabeth. Simeme labo abanesandla kwezemidlalo ezikoleni ngoba iFIFA imatasa nohlelo lokuqinisa kwezemidlalo ezikoleni.

Ngikhulumile noPitso mayelana nodaba olubalulekile lokuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni. Ngigqugquzelekile sengibkna uhlelo lwakhe. Siyajabula ngokumnikeza iziqu zakhe zeCAF Pro License. Uyaqhubeka nokucabangela phansi uPitso yize esemqobe iCAF Champions League, wabuya naku-AFCON.

Uma singakwazi ukulungisa izinkinga zezemidlalo ezikoleni, ibhola laseNingizimu Afrika lizoba sezingeni eliphezulu kakhulu.”