Umqeqeshi omusha waMaZulu FC u-Arthur Zwane uthi useqalile ukubona izinguquko kubadlali boSuthu noma besadlale umdlalo owodwa, abashaywe kuwo yiStellenbosch FC.
Usuthu luwashe ijezi ngoLwesihlanu kwiCarling Knockout lushaywa ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium emdlalweni wokuqala kaZwane obambisene noVusumuzi Vilakazi kwesokuqeqesha iqembu.
“Uma ubuka la esivela khona abaningi bebezothi iStellenbosch isidlulile kalula. Noma idlulile, kudingeke ukuthi bakulwele lokho,” kusho uZwane encoma ezakhe ngokunikeza iStellies umdlalo onzima.
“Ayikho imidlalo elula kwiPSL, kusekuningi okumele sikwenza ukuqinisekisa ukuthi abadlali bayakwazi ukumelana nemidlalo, namaqhinga azohluka imidlalo ngemidlalo.
“Kuzosisiza lokho. Nizobonele namhlanje [ngoLwesihlanu] ukuthi besingawalandeli amaqhinga umdlalo wonke. Ukube besikwenza lokho angikungabazi ukuthi besizohlomula.”
UZwane uqhube wathi akakhathazekile ngokuba sezembe koSuthu kwiligi njengamanje, wathi okwamanje usafuna ukuqinisekisa ukuthi abadlali benza konke okusemandleni uma besenkundleni.
AmaZulu azobhekana ne-Orlando Pirates koweBetway Premiershop ngoLwesihlanu e-Orlando Stadium ngo-19.30.