Umqeqeshi weRichards Bay uBrandon Truter ubona ezakhe zisethubeni lokufinyelela kowamanqamu kwiCarling Knockout uma bengahlula iCape Town City abaqhathwe nayo kumaquarterfinals.

INatal RichBoyz izibekisele ngendawo kumaquarterfinals kulandela ukushaya iSekhukhune United ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto. 

EzikaTruter zibe seziqhathwa neCity ebulele iRoyal AM ngo 3-0 e-Athlone Stadium, ngoMgqibelo ebusuku. 

UTruter uxwayise ezakhe ngokuthatha kancane iCity ejwayele ukuqala ngenothi eliphansi kwiligi. 

“ICity iqale ngegiya eliphansi kumasizini amathathu adlule. Bekunezikhathi ezinzima lapho kubukeka sengathi u-Eric (Tinkler) uzoxoshwa. ICity ijwayele ukuhlangana ngemuva kwemidlalo emihlanu, lomkhuba sewenzeke kumasizini amane adlule.

“Bayiqembu elinabadlali abanohlonze uma ngibheka labo abasayinisiwe. USihlalo (John Comitis) ukubeke obala ukuthi badlalela ukungena e-Afrika. Sizobhekana neqembu elinzima.

“Uma uzimisele ngokudlulela phambili kumqhudelwano wenkomishi, kufanele uhlule amaqembu amakhulu. Angeke uzikhethele iqembu ozoqhathwa nalo. ICity iyona ezovakasha enkundleni yethu. Kufanele sihleleke emdlalweni ngoba ngibabonile bebhekene neRoyal AM.

“Ngiyathemba sizofaka umoya emdlalweni. Kunomunye umdlalo onzima neStellenbosch, kulandele iSekhukhune. Linzima kakhulu isonto esingena kulo,” kubeka uTruter.

IBay izobhekana neStellenbosch koweBetway Premiership ngoMgqibelo. UTruter uthi uyawazi amaqhinga kaSteve Barker.

“IStellies iyiqembu elibheke phezulu. Abaningi babheke ukuthi lishubisele iSundowns (Mamelodi) noma linethezeke kwi-top 4. Badlale kowamanqamu futhi bazodlala esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup. 

“Baqopha umlando beqeda endaweni enhle kwiligi ngesizini edlule kodwa badedele abadlali abambalwa. Bayiqembu okunzima ukubhekana nalo, banesikhathi eside bendawonye. 

“Ngiyamazi uSteve, ngiwazi kahle amaqhinga ajwayele ukuwasebenzisa. Alifundeki iqembu lakhe kodwa ligabe ngokuzethemba. Kufanele sikusebenzise ukuthi sidlala ekhaya. Sifuna ukuyinqoba yonke imidlalo esekhaya, siyawakhanda namathuba, kushoda khona ukuwaqedela,” kubeka uTruter.