Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usebheke ukuthi abuyelwe wumgqigqo wokukora uPeter Shalulile obhakuzise inethi bexebula iGolden Arrows ngo 5-0 koweCarling Knockout, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo.
UShalulile ushayele iDowns igoli lesine kulomdlalo, kwajabula ibhentshi lonke leqembu.
UMngqithi uthi ubengakaze angabaze izinga likaShalulile.
“Angikaze nakancane ngimlahle uPeter. Sizame konke okusemandleni, samdlalisa noma ekhathele kweminye imidlalo. Besimnikeza imizuzu ukuze ezothola ithuba lokuqeda ngesomiso samagoli.
“Nami ngilijabulele igoli likaPeter ngoba libalulekile kuye. Kufuneka abambe ifomu ngoba sizomdinga kakhulu ngokuqhubeka kwesikhathi.
“Abadlali bayameseka uPeter, lokho kuyangijabulisa ngoba kukhombisa ubumbano nozwelo ekhempini. Abadlali bebemzwela uPeter ebunzimeni adlule kubo engawatholi amagoli. Ngijabule ngokwenziwe abadlali eseshaye igoli. Ngikholwa ukuthi amagoli asezovuleka,” kusho uMngqithi ekhuluma esithangamini nabezindaba.
UMngqithi uthi luselude ukhalo yize ezakhe sezinqobe imidlalo eyisithupha ilandelana.
“Amagoli amahlanu esiwashayile awangijabulisi. Siyazikhandla ukuze sizokhanda inqwaba yamathuba. Ngibona sikhande amathuba amaningi uma ngiqhathanisa nomdlalo wePolokwane City, bekunzima ukuthola igoli.
“Angikaze ngilahlekelwe yithemba ngokuhlangana kweqembu. Iqembu liqine kakhulu uma ngiliqhathanisa nangesizini edlule. Angikaze ngingabaze ukuthi sihamba ngendlela efanele, nesitayela sokudlala sizolisiza iqembu kwiChampions League ewumqansa omkhulu,” kusho uMngqithi.
ISundowns inomdlalo weligi neRoyal AM ozobanjelwa eLoftus Versfeld Stadium, ngoLwesithathu.