Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu useveze ukuthi ‘kunamadimoni’ abhekene nawo uVusumuzi Vilakazi ayingxenye yesizathu sokushiya kwakhe.
Zishaqe abaningi izindaba zokusula kukaVilakazi kuSuthu izolo, eziqinisekiswe wuSuthu ngesitatimende ezinkundlei zokuxhumana ntambama.
Ekhuluma nomsakazi wezemidlalo oKhozini uVictor Molefe uZungu uchaze kabanzi ngokuhamba kwalo mqeqeshi owafika eqashelwe ukuzopheka ireserve team.
“Wazise abaphathi beqembu ukuthi kunezinto abhekene nazo eziphazamisa umsebenzi wakhe, wacela ukukhululwa ukuze ezokwazi ukuba wumuntu ongcono nokuthi iqembu lingaphazamiseki.
“Sibe nomhlangano, saqoka ukusamukela isicelo sakhe sokwesula esikhundleni. Simfisela okuhle kodwa njengoba ebhekene nalawa madimoni, siyethamba uzoba ngcono.
“Siyabonga ngomsebenzi omuhle awenzele Usuthu, ikakhulukazi umsebenzi awenze ebambisene no-Arthur Zwane. Asikhalazi ngalutho, kodwa abhekene nakho bekuzomphazamisa emsebenzini.”