AmaZulu FC aseqinisekise izindaba zokuhlukana noVusumuzi ‘Kanu’ Vilakazi ocele ukukhululwa kulezi sonto, aveza nesizathu sokushiya kwakhe.
Izindaba zokushiya kukaVilakazi ziqale ukusabalala namhlanje ekuseni ngemuva kodaba olubikwe yi-iDiski Times.
AmaZulu aqale ayiziba le ndaba kodwa namhlanje ntambama agcine eshicilele isitatimende ezinkundleni zokuxhumana eveze ukuthi iyiqinsio.
“Encwadini yakhe yokwesula esikhundleni sakhe uveze ukuthi kunezinto zangasese abhekene nazo esidinga ukuthi azinake ngokuphelele, obekuzokwenza umsebenzi wakhe ube nzima eqenjini,” kusho isitatimende.
“UMengameli weqembu uSandile Zungu ukwamukelile ukusula kwakhe kulesi sikhundla.”
UZungu uthe bamfisela okuhle kodwa uKanu waqinisekisa nokuthi u-Arthur Zwane uzoqhubeka nomsebenzi wokupheka iqembu yedwa.