Umndeni wengane eneminyaka eyisithupha eyashona engozini yemoto okusolwa ukuthi yadalwa wumdlali weSekhukhune United uShaun Mogaila uthi leli qembu lihubhuza amanga uma lithi lathola imvume emndenini ukuthi engaqhubeka adlale kwiPSL.

UMogaila ungaphandle ngebheyili ecaleni elibucayi lokubulala ngokungenhloso abhekene nalo. Kusangenzeke abhekane nelinye icala njengoba abaleka endaweni yesigameko ngemuva kwengozi.

Muva nje umqeqeshi weSekhukhune uLehlohlonolo Seema umbuyisele ensimini lo mdlali, kanti uze wathola indondo yomdlali ovelele emdlalweni obungoMgqibelo.

Umndeni usuveze ukuthi uphatheke kabi ngemibiko yokuthi unikeze iqembu imvume lokuthu uMogaila aqhubeke nokudlala.

“Bahubhuza amanga. Abakaze bakhulume nathi futhi abakaze becele noma bathole imvume ngokuthi aqhubeke adlale uMogaila,” kusho uSifiso Skosa okhulumela umndeni ekhuluma kwiRadio 2000.

“Uniina wengane [eshonile] ubesesibhedlela izinyanga ezimbili. Uphume ngoJanuary kodwa namanje akakwazi ukuhamba. Akakwazanga ngisho nokufihla indodakazi yakhe. Ifihlwe esasegumbini labasesimeni esibucayi.”

Kule ngozi eyenzeka ngo-30 Octobrer nyakenye, kwalimala nomfana oneminyaka ewu-13 okudingeke ukuthi aqale phansi afundiswe ukuhamba ngemuva kokufakwa izinsimbi onyaweni.

Ebuzwa ngokusebenzisa lo mdlali emdlalweni odlule uSeema wathi bakhombisa ‘ubuntu’ kuMogaila ngokumnikeza ithuba lesibili.

UMogaila uzobuyela enkantolo ngo-19 May 2025.