Umdlali obuyele kwiMamelodi Sundowns kule sizini esuka eFrance, uBongani Zungu, uthi usekulungele ukuqala imidlalo.
UZungu kule sizini ulizwa ngendaba ijezi njengoba esadlale imidlalo emine kwiDStv Premiership nowodwa kwiNedbank Cup.
Ufike kwiSundowns engekho esimeni esihle ngokomzimba kodwa manje uthi usekulungele ukuqala imidlalo, kodwa lokho akukho ezandleni zakhe.
“Okwami ukusebenza kanzima ngoba ngifike eqenjini elidlala kahle. Akusho lutho ukuthi kuqala bani umqeqeshi onqumayo ngabazoqala,” kusho uZungu engxoxweni neSABC Sport.
“Ngizoqhubeke ngizimisele, ngibekezele ngilinde ukunikezwa ithuba. Uma sengilithola ithuba ngizolibamba ngazo zombili.”
ISundowns izobhekana neCoton Sport namhlanje ngo-6 kwiCAF Champions League.