Uyise kaLionel Messi, uJorge, uthi akayiboni indodana yakhe ibuyela kwiBarcelona njengoba isemaphethelweni inkontileka yakhe kwiPSG.

Inkontileka kaMessi kwiPSG iyaphela ngoJuni nonyaka. Ngokwemibiko yakamuva lo mdlali onqobe iWorld Cup ne-Argentina eQatar akazimisele ngokubuyela kwiBarca futhi nezingxoxo eziphakathi kwakhe nePSG azihambanga kahle ngesonto eledlule njengoba kuthiwa ukhathazekile ngokungqubuzana kwabadlali baleli qembu.

Engxoxweni nephaphandaba laseSpain, iSPORT, uJorge uveze ukuthi akacabangi ukuthi uMessi uzobuyela kwiBarca.

“Angicabangi ukuthi uMessi uyoke aphinde adlalele iBarcelona. Isimo asikho kahle. Asikakhulumi nomengameli weBarca uLaporta, futhi abakafaki sicelo sokumsayinisa,” usho kanje.

Kuthiwa simuncu isimo phakathi kukaLaporta nomndeni wakwaMessi ngenxa yendlela uMessi ashiya ngayo iBarcelona ngo-2021.

UMessi wayesazimisele ngokuhlala kodwa uLaporta wakhetha ukuyihoxisa inkontileka yakhe, okwamvulela indlela yokuthi ayojoyina iPSG.