Umqeqeshi weManchester United u-Erik ten Hag usole unompempe ngokuba nesandla kumphumela ababuye nawo emdlalweni we-Europa League neBarcelona ophele ngo 2-2eCamp Nou izolo.

Omabili lawa maqembu abevutha engabaselwe kulo mdlalo esho ukujuqana eCamp Nou kungathi abesekhohliwe ukuthi asazophinde ahlubane ngesonto elizayo. IBarcelona ikore kuqala kulo mdlalo uMarcos Alonso engqofa icorner ngekhanda.

I-United ibuye emdlalweni ngemuva kwemizuzu emibili ngegoli elivalelwe wuMarcus Rashford obe nomdlalo omuhle. Ngomzuzu ka-59 uJules Kounde uwugwaze ekhaye ngemuva kwebhola eliyingozi elifakwe wuRashford ebhokisini.

IBarca ize yabuya ngomzuzu ka-76 ngegoli likaRaphinha ophume enkundleni eqhuma yintukuthelo esekhishelwa uFerran Torres.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag ukhale ngesinqumo sikanompempe obancishe i-free kick nekhadi elibomvu ebelizotholwa wuKounde odlalise kabi uRashford esebheke kunozinti esiwombeni sesibili.

“Unompempe ube nesandla kumphumela esiwuthole kuko mdlalo. Bekufanele kube yikhandi elibomvu ngoba uRashford ubesebheke kunozinti wabo,” kusho uTen Hag.

“Ngimbuzile unompempe ukuthi kungani enganqumanga kahle, wathi wakadlaliswanga kabi uRashford. Bekukhona iVAR kodwa nayo ibizibhedela nje. Mhlawumbe bebengaphansi kwengcindezi. Sesingaphikisana ngokuthi udlaliswe kabi phakathi noma ngaphandle kwebhokisi, kodwa ikhadi elibomvu bekufanele liphume. Bathathe isinqumo esibi.”

Nomqeqeshi weBarcelona, uXavi, ukhalile ngezinqumo zikanompempe kulo mdlalo ikakhulukazi ngesinqumo sokungabanikezi ipenalty ngesikhathi ibhola lishaya uFred engalweni.