Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, useveze ukuthi akawungabazi umsebenzi awubona wenziwa wuRomain ‘Fohloza’ Folz kuMaZulu FC.
AmaZulu akuwahambeli kahle kwiligi muva nje njengoba esanqobe umdlalo owodwa kwemihlanu edlule. Imphumela yakamuva isibeke leli qembu kunombolo 10 kwilog yeDStv Premiership. Usuthu kusangenzeka luzithole luzama ukuvika izembe uma lingaqoqi amaphuzu ngokushesha ukuze luzinze kwi-top 8.
UZungu nokho ubona esadinga isikhathi uFolz, noma kunabalandeli asebecela akhonjwe afika ngayo.
“Asiwungabazi umsebenzi kaFohloza, siyazi siboneni kuye futhi siyayazi nendlela asebenza ngayo. Okumhlalele nje ukuthi bajwayelane nabadlali. IRome ayikhiwanga ngosuku olulodwa…sizothatha isikhathi ukubumba iqembu eliqinile,” kusho uZungu engxonxweni ne-IOL Sport.
Njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa ngaphambi kokuthi isongwe isizini ka-2022/2023 uZungu uveze ukuthi sebeqalile ukuhlelela isizini entsha. Ngokwemibiko yakamuva uFolz ucele kudedelwe uMajoro, Mphahlele noBuchanan angazimisele ngokusebenza nabo ngesizini entsha.
UZungu uveze ukuthi sebesayinise uCelimpilo Ngema kwiMarumo Gallants ozobajoyina uma kuphela isizini.
“Sinabanye abadlali abavela kwinkulisa, ngakho ziningi izinguquko ezizokwenzeka ukuze umqeqeshi ezoba nesikwati esikhulu ngesizini ezayo.”