Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usethembise ukufinyelelisa iqembu lesizwe esigabeni somkhumulajezi kwi-Africa Cup of Nations 2023 ezodlalwa e-Ivory Coast.
UBroos uthe abakuleli bangambulala uma ehluleka ukufeza lesi sifiso sakhe sokudlula esigabeni samaqoqo uma sezitholene phezulu ngoJanuary ngonyaka ozayo.
IBafana izibekisele indawo kwi-AFCON kulandela ukushaya iLiberia ngo 2-1 ekuhambeni. Ngisho ingadliwa uma isibhekene neMorocco, iLiberia inqobe, iyadlula ngenxa yomthetho we head-to-head.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uBroos uncome abadlali bakhe ngokulandela amaqhinga akhe waveza nokuthi ujabule ngokufaka iBafana kwi-AFCON ngoba kufanele ingene njalo kuyo.
“Bekubalulekile ukuthi singene kulo mqhudelwano. Sinabadlali abasakhula abadinga ukuthola amava ngokudlala kwimqhudelwano ebalulekile e-Africa. Sesingenile manje, sizolungiselela umqhudelwano ezinyangeni eziyishumi ezizayo sizame ukulungiselela i-AFCON.
“Ngizophinde ngisho engakusho ekuqaleni…uma sihluleka ukufinyelelal esigabeni somkhumula jezi kwi-AFCON ningangibulala.”