Umqeqesshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, useveze ukuthi kuzodlaleka namazwe abaqhathwe nawo kuGroup G weFIFA Women’s World Cup.

ISouth Africa iqhathwe neSweden, Italy ne-Argentina, okungamazwe u-Ellis awabona engewona umqansa omkhulu. Ngeledlule u-Ellis umemezele isikwati ngaphambi komdlalo wobungani neSerbia.

“Ngingathi kuzodlaleka. Sizobhekana neSweden ewunombolo 3 emhlabeni, Italy ewunombolo 17. Kukhona ne-Argentina ekunombolo 29 kodwa uma ubukisisa besingathola iFrance neBrazil, noma i-USA neNetherlands…yingakho ngithi akukubi kakhulu. Ngalokho kodwa angisho ukuthi asiwahloniphi amazwe esiqhathwe nawo,”

IBanyana Banyana, enqobe i-Women’s Africa Cup of Nations ngo-2022, ikunombolo 54 kumaFIFA Rankings. Izobhekana noSweden emdlalweni wokuqala ngoJuly 23.

U-Ellis uthe kulo mqhudelwano uzimisele ngokuxuba abadlali abasafufusa kanye nabanamava.

“Siphethe abadlali engingabala kubo u-Asanda Hadabe oneminyaka ewu-19, Lonathemba Mhlongo ona-20, uNoxolo Cesane ozoba neminyaka ewu-22…siphethe nabadlali abanava, ubani nje odlula uNoko Matlou? Usekhombise amava akhe edlala phesheya. Angibuki iminyaka yomdlali, ngibuka angakwenzela iqembu.”