Inkantolo yoMthethosisekelo isinqume ukuthi owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma akavumelekile ukubuyela ePhalamende, kodwa iMK Party ingakhankasa ngaye ngaphambi kokhetho olungo-29 May.

Ngokomthetho wakuleli, umuntu oke wagwetshwa izinyanga eziwu-12 kuyaphezulu, kumele alinde kuze kudlulke iminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi avunyelwe ukungenela ukhetho.

Isinqumo senkantolo sichaza ukuthi ngisho ingalunqoba ukhetho iMK, uZuma ngeke akwazi ukuba wumengameli wakuleli ngoba umthetho uyamnqanda ekubuyeleni ePhalamende.

IMK namhlanje ekuseni kwiSAFM ikuqinisekisile ukuthi isazolushintsha uhlu lwabaholi abazoyimela ePhalemende.

Bukhuluma nabezindaba ubuholi beMK Party buzwakalise ukuphoxeka ngesinqumo senkantolo kodwa bathi bujabule ngokuthi uZuma usawumholi weqembu futhi bazolindela umyalelo wakhe ngokumele kwenzeke.