Owesilisa odabuka e-Uganda ugixabezwe ngodilikajele ababili ecaleni lokubulala izithandani kubangwa imali yemoto ayezama ukuyithenga wahluleka.
Owesilisa wase-Uganda, uSulaiman Kamya (29) ulahlwe amacala amabili okubulala athinta ukubulawa kukaJoshua Mutaasa (38) nenkosikazi yakhe uRita (43) eWildebeeslaagte, eNortham (Limpopo) ngo-January 4 ngo-2019.
Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi abagilwa bashaywa ngento ecijile baze bafa, ngemuva kwalokho kwashiswa umuzi nezidumbu zabo zisele ngaphakathi. Amaphoyisa athola ukuthi kwebiwa imoto (BMW) yalezi zithandani.
Umkhondo wamaphoyisa wawakhomba eRusternburg, eNorth West, kwabanjwa umsolwa ngalo usuku lwesigameko. Umsolwa waboshwa ngokushesha kulandela ukutholwa kocingo loyedwa wababulawa endlini kamsolwa, kwatholwa nebhulukwe lakhe ligcwele igazi eselifake emanzini. Umsolwa waboshwa wabekwa amacala okubulala nokugqekeza.
Ngesikhathi eqhubeka nokuphenya udaba amaphoyisa kugcine sekuvela ukuthi umsolwa wavumelana nezithandani ukuthenga imoto yazo ngama-installment, kodwa kwathiwa uzoyithola uma eseqedile ukukhokha. Kuthe uma esehluleka ukuqedela, wacela ukubuyiselwa imali aseyikhokhile.
Izithandani kuthiwa zamisa ukuthi uzoyithola ngelinye ilanga imali, kodwa umsolwa wangayizwa leyo, wangena ngo dli endlini yabo efuna imali. Lokhu kwapheatha ngokuthi abulale izithandani, washisa umuzi. Ngesikhathi egwetshwa eMadimole Regional Court ngoLwesithathu unikezwe neminye iminyaka engu-15 ngaphezulu ngecala lokugqekeza.