Ubhekene nenqwaba yamacala umrepha ophinde abe wuphrojusa uSean ‘Diddy’ Combs obesekubikwa ukuthi uhlela ukubalekela kwamanye amazwe uma zimnetha eMelika.
Okwamanje uP. Diddy, oke waduma ngelikaPuff Daddy, akakaboshwa futhi usanda kubonakala ngaphandle kwesithabathaba somuzi wakhe oseLos Angeles.
Abaseshi be-U.S Homeland Security nabe-FBI bangene kwimizi emibili kaDiddy, owodwa useLos Angeles nomunye oseMiami njengoba kuqina izinsolo abhekene nazo zokushushumbisa ucansi nokunukebeza ngokocansi.
UDiddy, oneminyaka ewu-54, usezichithile zonke izinsolo abhekene nazo futhi usola ukuthi abantu bazama ukumqola. Njengamanje alikho icala abhekene nalo enkantolo.
50 Cent beeen telling us about P Diddy
— wayBackinTimes (@waybackintimes) March 27, 2024
pic.twitter.com/vn6nAfJG88
Kuvela lezi zindaba nje ngoNovember ngonyaka odlule owayeyintombi kaDiddy, uCassie, wamuvulela icala emsola ngokuningi okubalwa kukho ukudlwengula, ukumphathisa isibhamu ngenkani, kanye nokumphoqa ukuthi aye ocansini nomahosha besilisa.