Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asexwayise abathandi bebhola abafuna ukuya eMoses Mabhida ngenkani ngaphambi komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ukuthi uzobe uqinile umthetho.
Lokhu kuvezwe yiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor-General Phumelele Makhoba uthembise ukuthi uzobe uqinile umthetho eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kowamanqamu weNedbank Cup.
“SiyiSAPS sizobe siwuqinisile umthetho ngaphandle kwenkundla iMoses Mabhida,” kusho uMakhoba ngokombiko weSowetan.
“Uma wazi ukuthi awunalo ithikithi lokuzobuka umdlalo, kungcono uvele uhlale ekhaya noma uye kwenye indawo ongabukela kuyo kunozobanga ukungqubuzana okungenasidingo.”
Abalandeli ezinkundleni zokuxhumana balokhu bekusho njalo ukuthi bazoya ngenkani enkundleni.
KwiGibela Sport abanye abalandeli baphendule kanje bezwa ngesixwayiso samaphoyisa:
“Osomathuba bantu, nize nimazise manimbona ukuthi kuyohlehla ufishi asibesabi nje sidalo,” – kusho u-Iamntuthuko Mahlobo.
“Bakwazi uqinisa umthetho into mabefuna ivune bona kodwa sihlushwa izigebengu abaqinisi mthetho …. Uyanya nje wena Phumelele” – kusho uThabang Ngwane.
Sekuyocaca kusasa ukuthi ubani ozophuma ngenhla phakathi kwamaphoyisa nabalandeli abagolozayo ngaphambi komdlalo wamanqamu.