Amaphoyisa kamasipala weTheku ngokubambisana neSAPS sebeveze ukuthi kuboshwe abantu abahlanu ngamacala ahlukene kowamanqamu weNedbank Cup obudlalelwa eMoses Mabhida Stadium izolo ntambama.

Bathe abanye bejabulela ukubuka iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bezwana amandla enkundleni, abanye bese zibakhalele begaxwe ozankosi baphoswa emavenini amaphoyisa izolo.

Ngokwesitatimende seMetro Police kuboshwe ababili ngecala lokudayisa amathikithi awombombayi, abanye ababili baboshelwe ukungena enkundleni ngokungemthetho, oyedwa uboshelwe ukusebenzisa idrone ngaphandle kwemvume.

Isonto lonke abalandeli bebesabisa ‘ngokuhlanganisa uZulu’ kubhekwe enkundleni ngenkani ngemuva kokuphoxwa ukungawatholi amathikithi omdlalo. Abanye bacasulwe wukuthenga amathikithi base bethola ama-email athi bazobuyiselwa izimali zabo.

IPSL isazoqhubeka nophenyo lobuhixihixi bokudayiswa kwamathikithi kodwa okwamanje kubukeka sekuyinto abaningi asebeyikhohliwe ukuthi kuke kwabangwa indaba yamathikithi njengoba umdlalo usudlulile.

Okwamanje amaphoyisa abengakaveza ukuthi bangaki ababoshiwe ezindaweni ezivulelwe umphakathi ukuthi uzobuka umdlalo.