Kulindeleke ukuthi ajoyine i-Orlando Pirates umdlali oyibamba esiswini kwiStellenbosch FC uSihle Nduli oke wafunwa yiKaizer Chiefs.
Ngokombiko we-iDiski Times, iPirates noNduli sebevumele ngokuthi uzoyijoyina ekupoheleni kwesizini njengoba ephelelwa yinkontileka kuleli qembu laseWestern Cape.
UNduli ungomunye wabadlali abamqoka eqenjini likaSteve Barker eliphume kuma-semifinal eCAF Confederation Cup kwisizini yokuqala lidlala e-Africa.
Uzibekisele indawo esikimini ngemuva kokuhamba kukaSibongiseni Mthethwa ojoyine iChiefs kumasizini amabili edlule.
UNduli uwumdlali ocishe afane noGoodman Mosele, uyakwazi ukumaka, une-pass enhle futhi akalibalekeli ibhokisi njengoba ekwazi ukukhahlelela ipali futhi nasemoyeni akekho mubi. Abanye bengathatha ukusayiniswa kwakhe njengokulungiselela ikusasa njengoba uMakhehlene Makhaula eneminyaka ewu-35.
Ngokombiko weTimes, lo mdlali unesivumelwano ngokomlomo nePirates, okwamanje akakasayini lutho. Njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJune, uNduli uvumelekile ukusayine iprecontract nelinye iqembu.