Umqeqeshi weRoyal AM uKhabo Zondo usole abadlali beThwihli Thwahla ngokuyithatha kancane iSwallows ebafake induku eDobsonville Stadium ngoLwesithathu.
IRoyal AM isidliwe imdlalo emthathu ilandelana, futhi ayibukeki izofinyelela kwizinga ebikulo ngesizini edlule njengoba idlala kwiCAF Confederations Cup kule sizini. Ekhuluma ngemuva komdlalo uZondo usole abadlali bakhe ngokuzithela ngabadayo.
“Kumele ngikhule ngendlela abadlali abenze ngayo kulo mdlalo. Ngicabanga ukuthi abadlali bebenokuyithatha kancane iSwallows ngenxa yendawo ebikuyo kwi-log. Sichithe isikhathi esiningi kwi-half yethu, besingabukeki njengeqembu elifuna ukubalimaza. Asimshayelanga nakanye unozinti wabo esiwombeni sokuqala.
“Ngiyazi sibuya kumdlalo weCAF Confed Cup eZambia kodwa lokho akusho ukuthi singcono kunabanye kuleli.”
IRoyal AM izobhekane neGolden Arrows ngesonto elizayo ngoLwesibili kumdlalo wayo olandelayo.