Umqeqeshi obambile kwiSwallows FC uMusa Nyatama uthi usekulungele ukuwuthatha ngokuphelele umsebenzi wokupheka iDube Birds.

UNyatama uveze lokhu ngemuva kokuqoqa amaphuzu aphelele ngoLwesithathu beshaya iRoyal AM ngo 2-0. Amagoli eSwallows avalelwe wuGregory Damons noMwape Musonda. Bekungokwesithathu iSwallows inqoba emdlalweni 11. Okuqaphelekile kulo mdlalo ukuthi iSwallows ikwazile ukuncisha iThwihli Thwahla amathuba okokura njengoba ikwaze ukumshayela kabili kuphela unozinti wayo.

Ngalo mphumela iSwallows ikhuphukele kunombolo 12 kwi-log yeDStv Premiership, kodwa isangehla uma iCape Town City neMarumo Gallants benqoba imidlalo abanayo esandleni.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMusa Nyatama, obambe esokuqeqesha ngemuva kokuxoshwa kukaDylan Kerr, lo mqeqeshi uveze ukuthi usekulungele ukupheka iqembu ngokuphelele.

“Kumele ngikujwayele (ukuba wumqeqeshi). Kumele ngiziphonsele inselelo. Uma nginikezwa iqembu ngeke ngithi ‘ngiyabonga ngifuna ukuhlala ekhaya, angifuni ukuqeqesha.’ Ngidinga ukuphakaphisa isandla, ngize ngikujwayele ukuba wumqeqeshi ngoba abadlali sebengijwayele,” usho kanje.