Ingase iqale ngesizini ka-2024/2025 i-European Super League engeke ivalele ngaphandle amaqembu afisa ukudlala kuyo.
I-European Super League isheshe yahlakazwa ngesizini edlule kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi kuzoqokwa amaqembu amakhulu kuphela e-Europe, angeke akhishwe uma eqede ngasemsileni weligi. Okunye okwenze amaqembu asheshe ahoxe kulo mqhudelwano ukuthi i-UEFA yazwakalisa ukungenami ngokusungulwa komqhudelano ozoncintisana ne-UEFA Champions League.
Umhleli ophezulu kulo mqhudelwano, uBernd Reichart useveze ukuthi bahlabela phambili manje, futhi bahlela ukuthi okungenani isizini yokuqala ye-ESL iqale ngo-2024.
Mathathu kuphela amaqembu angahoxanga kwi-ESL ngesikhathi abanye bebaleka, yiReal Madrid, Juventus neBarcelona. UReichart uthe akhona amanye asefuna ukubuya.
“Kunamanye amaqembu amathathu abuyekeza isinqumo asithatha. Ngiyazi amaqembu ase-England athini kodwa ngiyethemba ukuthi abathandi bebhola bayakubona esizama ukukwenza manje. Singaziqala kodwa izingxoxo namanye amazwe (uma bengazimisele e-England),” usho kanje.
UReichart uthe bazimisele nokukhuluma ne-UEFA abayithumela incwadi ngo-2020 kodwa engakaphendulwa namanje.