I-Iran isithembise ukuthumela eminye imicibisholo yamabhomu e-Israel enzima kakhulu kuneyithumele ngoLwesibili ebusuku uma lelizwe liqhubeka nempi eseliyiqalile eMiddle East.

Ngokwemibiko eqale ukungena izolo ebusuku i-Iran ihlasele i-Israel ngemicibisholo yamabhomu eTel Aviv njengendlela yokuphindesela kulandela ukubulawa komholi weHezbollah uHassan Nasrallah. Amasosha ase-Israel amatasa aqothula ubuholi bale nhlangano ngokunjalo nobeHamas. Sishubile isimoo eMiddle East kulandela ukusuka kwempi phakathi kwe-Israel nePalestine osekuneminyaka bebanga umhlaba.

IHezbollah wumbutho wamasosha aseLebanon, oxhaswe yi-Iran, ulwisana ne-Israel ngempi eqhubekayo ePalestine njengoba kubulawa abantu bakhona kuthiwa kubhekwa iHamas. Ukungena kwe-Iran ngqo kulempi kungase kuphoqe iRussia ukuthi nayo ingenelele njengoba ingabangani ne-Iran, njengoba kwenza i-USA yeseka i-Israel.

Ukungena kwalawa mazwe omabili empini abhekane ngqo yikho okungase kudale impi yesithathu yamazwe abantu abaningi abangafisi ukuthi yenzeke kodwa kunabahlaziyi bezimpi nezepolitiki yamazwe abathi kufana nokuthi isiqalile.