Sphamandla Gumede
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer ubona iMamelodi Sundowns kuyiyona eyizimfivilithi emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup ozobanjelwa eLoftus Stadium ngoLwesine ngo-6 ntambama.
Usaba kufanele uZinnbauer, iSundowns ibambe irekhodi lokungahlulwa emidlalweni engu-20 yeDSTV Premiership. IDowns ibikade inemidlalo engu-28 ingayazi induku uma kubalwa neminye imiqhudelwano ngaphambi kokuqunjwa phansi yiCR Belouizdad yase-Algeria emdlalweni weCAF Champions League ngesonto eliphelile.
Yize ekhombise ukuyihlonipha iSundowns, uZinnbauer uthe ezakhe zizobe zithelwe ngezibonkolo kulomdlalo.
“Asizona izimfivilithi. Angeke siqale umdlalo sicabanga ukuthi asinalo ithuba lokunqoba. Nathi siyiqembu elikhulu. Siyazi sinesikwati esiqinile, sinabadlali abakwazi ukunqoba izicoco. Sizobe sidlala neqembu elisefomini eNingizimu Afrika.
Kunzima ngisho kwizintatheli nabalandeli. Abantu balindele ukuthi sinqobe iNedbank Cup. Ngizojabula uma sinqoba iNedbank kodwa iseyinde indlela. Sizodlala neSundowns,” kuchaza uZinnbauer.
IPirates isefomini enhle kwazise isahlulwe kabili kuphela emidlalweni engu-18 uma kubalwa iCAF Confederations Cup, Nedbank neligi. IBucs icoboshise i-Al Ahly Benghazi ngo 3-0 emdlalweni weCAF obubanjelwe e-Orlando Stadium ngeSonto ebusuku.
“Emidlalweni eyedlule sibhekene neSundowns, sikwazile ukubuya nemiphumela yize besishoda ngabadlali. Akubalulekile ukuthi udlala kanjani, kufuneka umphumela. Okuhle nje ukuthi siqaphile, siwulungele umdlalo. Sidlala neqembu elisefomini enhle okwamanje.
Kuhlezi kunesikhathi lapho umgqigqo weqembu uphela khona. Sinalo ithuba nathi. Ngiyathemba abadlali basefomini enhle ukuze sizoba yiqembu lokuqala elizoshaya iSundowns,” kuchaza lomqeqeshi.
UZinnbauer uthi ukushaya iSundowns kufana nokushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Emidlalweni eyedlule yeNedbank, iBucs yashaya Uthongathi ngo 1-0 kanye neMaritzburg United ngo 3-1.
“Kuzoba kuhle ukuphula irekhodi leSundowns. Ushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Udlulela kwisemi-final, ushaye neSundowns. Akumele ngibagqugquzele abadlali. Bayakwazi okumele bakwenze, kuyaliwa lana.
Ithuba lokunqoba likhona. Abadlali kumele baqonde ukuthi sinethuba lokuwina. Yithuba elikhulu leli,” kuchaza UZinnbauer.