Sphamandla Gumede
ISAFA isiqinisekise ukuthi babalewa ku-200 abaqeqeshi abafake izicelo zokuhola iBafana Bafana eshoda ngomqeqeshi kusukela kwaxoshwa uMolefi Ntseki. USihlalo wekomidi leSAFA uJack Maluleke uthi izicelo zivela kubaqeqeshi basemazweni angaphandle kanye nabakuleli.
Ekhuluma esiteshini iSAFM, uMaluleke uthe ikomidi lizobamba umhlangano ngoLwesithathu, ngenhloso yokwehlisa isibalo sabaqeqeshi, kusale abahlanu kuphela.
“Ziningi izicelo esizitholile kubaqeqeshi bangaphandle nabakuleli. Kungene izicelo ezibalelwa ku-200. Sizobamba umhlangano kusasa sidingide ngabaqeqeshi abahlanu esizobakhetha,” kuchaza uMaluleke.
UMaluleke uthi angeke balibangise eGibhithe beyoxoxa nomqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane njengoba kuvela bamgaqele.
UPitso useke wakucacisa ngaphambilini akasoze wabuyela kwiBafana ayisola ngokumkhipha inyumbazane ngesikhathi imxosha ngo-2012.
“Ngibone amahebezi athi sizolibangisa eGibhithe kulelisonto ukuze sizohangana noPitso, ayikho leyondaba. Siyabamukela bonke abafake izicelo, nalabo okubhalwe ngabo kwabezindaba,” kubeka uMaluleke.
UMaluleke uthe uhlu lwabaqeqeshi abahlanu abaqokiwe luzohanjiswa kwiSAFA NEC.
“Uma sesiqedile ngabaqeqeshi abahlanu, sizothumela uhlu kwisigungu esiphezulu. Sithemba ukuthi sizoqoka umqeqeshi ingakapheli inyanga. Sibheka khona eNingizimu Afrika nasemazweni angaphandle,” kuchaza uMaluleke.