Sphamandla Gumede 

Umqeqeshi weSwallows uBrandon Truter ujabulise okwengane encane iqembu lakhe libuya namaphuzu amathathu okokuqala emidlalweni engu-9 ngesikhathi lishaya iBlack Leopards eDobsonville Stadium ngeSonto. 

Emidlalweni engu-9 eyedlule, iziNyoni zidale ngokulingana amahlandla angu-8, zashaywa kanye. UTruter uthi lomphumela uzobavusa emaqandeni, babuyele efomini.

“Kunzima ukudlala neqembu elisemsileni, iqembu elilwela ukuhlala kwiligi njengoba isizini isizophela. Uma ubheka isizini ephelile, iLeopards iyona eyacosha amaphuzu amaningi ngalesi sikhathi, yayidlala kanzima isendaweni embi. Bayingozi kakhulu. 

Besazi ukuthi kuzoba nzima, ukudlalela ekhaya futhi nokungahlulwa kusinikeze ithemba lokuthi singabuya namaphuzu amathathu. Bengilindele ukuthi sishaye amanye amagoli. Kumele siqhubeke kulomphumela, ngijabule ngamaphuzu amathathu,” kuchaza uTruter ecashunwa yi-website yeqembu. 

ISwallows isanethuba lokunqoba iDSTV Premiership uma ivunwa imiphumela njengoba iyibambe endaweni yesine ngemuva kwemidlalo engu-21. 

UTruter uthi ukuhlehla kweLeopards esiwombeni sesibili kubanikeze ithuba lokwakha amathuba, bayifakela ingcindezi. Igoli leSwallows kwaba iphenathi eyashaywa umgadli uDaniel Gozar. 

“ILeopards ibingaphansi kwengcindezi, indlela edlale ngayo esiwombeni sesibili ibafake enkingeni. Sikwazile ukuthola izikhala esiswini njengoba bona beqoke ukumaka umdlali ngamunye. Ngijabule ngamaphuzu amathathu, ngiyathemba izinto sezilungile,” kuchaza lomqeqeshi.