Sphamandla Gumede 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer uncome ezakhe ngokungadedeli igoli ngesikhathi zishaya iMaritzburg United ngo 2-0 e-Orlando Stadium ngeSonto. Amagoli amabili ashaywe uVincent Pule ngesiwombe sesibili abuyise injabulo kwiBucs ebikade ithola induku ka 4-1 kwiMamelodi Sundowns maphakathi nesonto. 

IBucs ikwaze ukungangenelwa yigoli yize ibishodelwa yizitobha ezimqoka uThulani Hlatshwayo noHappy Jele. Izindawo zabo zivalwe u-Abel Mabaso noThabiso Sesane. 

“Isiwombe sokuqala besinzima. IMaritzburg isifake ngaphansi kwengcindezi. Umgqigqo womdlalo siwubambe isikhathi sesihambile. Sikwazile ukushintsha izinto ngesiwombe sesibili. Sithathe izinqumo eziphusile.

Ngiyajabula ngokuba khona kukaPule. UPepe (Sesane) udlale kahle eqala ngqa ukuthola ijezi, ngiyambongela ngokuba umdlali ovelele,” kuchaza uZinnbauer ekhuluma nabeSupersport TV. 

Lomphumela ubeke iBucs endaweni yesine kwiligi njengoba isiqoqe amaphuzu angu-38 emidlalweni engu-21. 

“Umphumela ububalulekile, ikakhulukazi njengoba besidlala neSundowns. Sinabadlali abaningi abakhathele. Siyajabula ngomphumela, sesilindele umdlalo olandelayo. UMonare noMotshwari sebedlale kakhulu.

UMotshwari ubekhathele kodwa besimdinga. Uthole amathuba amabili okushaya amagoli. UPule ungumdlali ocabanga ukuhlasela, amagoli awashayile mahle kakhulu. Ngiyajabula asingenalwanga yigoli.

UPepe noTsiki badlale kahle. UMabaso ubesehlale isikhathi eside engadlali kodwa ubuyile wadlala kahle emuva. Simbuyise esiswini esiwombeni sesibili, nakhona wenza kahle ngoba indawo ayijwayele.

UMako usefomini enhle, uyagijima futhi uyalijulukela ijezi. Iqembu libumbene, okubalulekile ukuthi asingenalwanga yigoli. USandilands unesipiliyoni esihle. Izitobha zivalwe kahle emuva,” kuchaza uZinnbauer.