Sphamandla Gumede 

Yize ewashiswe ijezi kwiNedbank Cup, umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uzinike ithuba lokuncoma unozinti weTTM uWashington Arubi obevimba kwasani efika phambi kwakhe emdlalweni. 

Lo nozinti udlale indima enkulu ekutheni lomdlalo uye emaphenathini kwazise ayikho ebifuna ukugoba uphondo emizuzwini engu-120. 

Ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi, u-Arubi uvimbe iphenathi kaHlompho Kekana, nokube eyokugcina njengoba iTTM ifake enethini elandelayo yawunqoba kanjalo umdlalo. 

Ekhuluma nabeSupersport TV sekuphele umdlalo, uMngqithi ubeke kanje. 

“Besilindele umdlalo onzima ngoba bayiqembu elihle. Akumele ubathathe kancane. Kumele ngincome unozinti wabo. UWashington ubesefomini enhle namuhla. Uvimbe kahle ezikhathini ebezinzima, wakwazi ukukhipha iqembu otakwini. 

Sizame konke okusemandleni. Siwakhandile amathuba. Bekumele sisebenzise amathuba esiwatholile kodwa ibhola linjalo uma uhluleka ukuzenzela umsebenzi. Sihlulwe emdlalweni esizinikelile kuwona akulunganga. Ngiyayibongela iTTM, idlale kahle,” kuchaza uMngqithi. 

ITTM isizobhekana neChippa United kowamanqamu eNedbank Cup osukwini ngoMeyi. Uma iTTM iqukula indebe, izoba nethuba lokumela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weCAF Confederations Cup ngesizini ka-2021/22.

“Bekunzima vele uma ubheka ukuthi sinomdlalo omqoka ngoLwesibili. Sizamile enkundleni namathuba siwakhandile. UWashington ubevalile emapalini, bekufanele aqokwe njengomdlali ovelele. 

Kumele sizithintithe. Umdlalo ongoLwesibili unzima, kubalulekile ukuthi sibuye sinamandla. Siyiqembu elikhulu nabadlali bakhona. Sibe neshwa lokuthi abadlali abamqoka baphuthelwe umdlalo (Onyango noLebusa). Akusikho ukuthi besishoda ngabo, iTTM isifake ebunzimeni.

“Ngimkhonzile u-Arubi. Ngikholelwa ekutheni ungunozinti osezingeni eliphezulu. Namuhla ulivezile izinga lakhe.

Nginesiqinisekiso sokuthi akhona amanye amaqembu ambhekile ngoba ungunozinti omuhle. Ngiyazibuza ukuthi kungani ehlale kwiNFD isikhathi eside kangaka ngoba ungomunye wonozinti abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika,” kuchaza uMngqithi.

ITTM izokwamukela iMaritzburg kwiDSTV Premiership ngoLwesibili emdlalweni ozobe uyimpi yamaqembu abalekela izembe. 

ISundowns yona izobambana ngezihluthu naMaZulu ngoLwesithathu, okuwumdlalo obhekwe ngabomvu njengoba lamaqembu elandelana esicongweni seligi. 

ReplyForward