Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weMaritzburg United u-Ernst Middendorp uthi ezakhe bekufanele zisebenzise amathuba eziwatholile njengoba ziwuqale ngegiya eliphezulu umdlalo weDSTV Premiership zibhekene ne-Orlando Pirates ngeSonto ntambama.
ITeam of Choice ishaywe ngo 2-0 e-Orlando Stadium. Amagoli ePirates ashaywe uVincent Pule ngesiwombe sesibili.
IMaritzburg ibibambene ngezihluthu neBucs esiwombeni sokuqala kepha yehlisa umgqigqo sekubuywe ekhefini, okuyinto ecasule kakhulu uMiddendorp.
“Siwuqale ngegiya eliphezulu umdlalo, bekufanele sisebenzise ithuba lokushaya igoli. Siphazanyiswe ukulimala kuka-Ali Meza, abadlali bashayekile emqondweni.
Ngisafuna ukubona kahle ngephenathi esingayitholanga esiwombeni sesibili. Sithole amathuba angoqekelele amathathu kodwa sahluleka ukushaya igoli. Amagoli ePirates kube amaphutha ethu.”
Leliqembu laseMphithi lilokhu liyibambe njalo kunombolo 14 kwiligi ngemuva kwemidlalo engu-21. IMaritzburg inamaphuzu angu-20, ishiya ngemuva iChippa enamaphuzu angu-17.
“Kuyamangaza kwezinye izikhathi. Ngesikhathi sekuzophela isiwombe sokuqala, abadlali balahlekelwe umqondo. Sehlise umgqigqo, yilokho engikubonile. Kumele sibuyele ezingeni elifanele siyiqembu. Sinomdlalo onzima weBaroka ngoLwesihlanu.”